1 Wo kuwo umqhele wokuziphakamisawezidakwa zakwa-Efrayimi,nakuyo imbali ebunayo yobuhle bakhe obukhazimulayo,esenhloko yesigodi esivundileyosabanqotshwe yiwayini.
2 Bheka, iNkosi inaye oqinileyo nonamandla;uyakuwisa phansi ngamandlanjengesivunguvungu esinesichotho,nesiphepho esichithayo,nesiphihli samanzi esinamandla esikhukhulayo.
3 Umqhele wokuziphakamisa wezidakwa zakwa-Efrayimiuyakunyathelwa ngezinyawo,
4 imbali ebunayo yobuhle bakhe obukhazimulayo,esenhloko yesigodi esivundileyo,ibe njengekhiwane elivuthiwe kungakafiki ukuvuna;olibonayo uyalibuka, aligwinye,lise sesandleni sakhe.