12 akade esho kubo ukuthi:“Lokhu kungukuphumula;phumuzani abayethileyo;lokhu kungukuhlunyelelwa,”kepha abathandanga ukuzwa.
13 Ngalokho izwi likaJehova liyakuba kubonaisiyalezelo phezu kwesiyalezelo,isiyalezelo phezu kwesiyalezelo,umthetho phezu komthetho,umthetho phezu komthetho,lapha ingcosana, nalapho ingcosana,ukuze bahambe, bawe nyovane,baphuke, bacushwe, babanjwe.
14 Ngalokho yizwani izwi likaJehovanina bantu abadelelayo,enibusa laba bantu baseJerusalema.
15 Ngokuba nithe:“Senzile isivumelwano nokufa,sivumelene nendawo yabafileyo;lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula,asiyikusehlela thina,ngokuba senzile amanga abe yisiphephelo sethu,sicashile phansi kwenkohliso.”
16 Ngalokho ithi iNkosi uJehova:“Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lesisekelo,itshe elivivinyekileyo,itshe legumbi elinqabileyo lesisekelo esiyiso;okholwayo kayikubaleka.
17 Ngiyakwenza ukwahlulelakube ngumucu wokulinganisa,nokulunga kube ngumthofu wokumisa,isichotho sihlwithe isiphephelo samanga,amanzi akhukhule indawo yokucasha.
18 Futhi isivumelwano senu nokufa siyakuchithwa,nokuvumelana kwenu nendawo yabafileyo akuyikuma;lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula,niyakunyathelwa phansi yiso.