14 Ngalokho yizwani izwi likaJehovanina bantu abadelelayo,enibusa laba bantu baseJerusalema.
15 Ngokuba nithe:“Senzile isivumelwano nokufa,sivumelene nendawo yabafileyo;lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula,asiyikusehlela thina,ngokuba senzile amanga abe yisiphephelo sethu,sicashile phansi kwenkohliso.”
16 Ngalokho ithi iNkosi uJehova:“Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lesisekelo,itshe elivivinyekileyo,itshe legumbi elinqabileyo lesisekelo esiyiso;okholwayo kayikubaleka.
17 Ngiyakwenza ukwahlulelakube ngumucu wokulinganisa,nokulunga kube ngumthofu wokumisa,isichotho sihlwithe isiphephelo samanga,amanzi akhukhule indawo yokucasha.
18 Futhi isivumelwano senu nokufa siyakuchithwa,nokuvumelana kwenu nendawo yabafileyo akuyikuma;lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula,niyakunyathelwa phansi yiso.
19 Njalo lapho sidabula, siyakunibamba,ngokuba siyakudabula ukusa ngokusa imini nobusuku,”kube ngukwesaba kuphela,lapho umbiko uqondwa.
20 Ngokuba umbhede uyakuba mfushanekunokuba umuntu enabe kuwo,nengubo ibe ncanekunokuba umuntu azisonge ngayo.