16 Ngalokho ithi iNkosi uJehova:“Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lesisekelo,itshe elivivinyekileyo,itshe legumbi elinqabileyo lesisekelo esiyiso;okholwayo kayikubaleka.
17 Ngiyakwenza ukwahlulelakube ngumucu wokulinganisa,nokulunga kube ngumthofu wokumisa,isichotho sihlwithe isiphephelo samanga,amanzi akhukhule indawo yokucasha.
18 Futhi isivumelwano senu nokufa siyakuchithwa,nokuvumelana kwenu nendawo yabafileyo akuyikuma;lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula,niyakunyathelwa phansi yiso.
19 Njalo lapho sidabula, siyakunibamba,ngokuba siyakudabula ukusa ngokusa imini nobusuku,”kube ngukwesaba kuphela,lapho umbiko uqondwa.
20 Ngokuba umbhede uyakuba mfushanekunokuba umuntu enabe kuwo,nengubo ibe ncanekunokuba umuntu azisonge ngayo.
21 Ngokuba uJehova uyakusukumanjengasentabeni yasePherasimi,athukuthele njengasesigodini saseGibeyoni,ukuze enze umsebenzi wakhe,umsebenzi wakhe ongavamile,afeze isenzo sakhe,isenzo sakhe esimangalisayo.
22 Ngalokho ningadeleli,funa izibopho zenu ziqiniswe,ngokuba ngizwile eNkosini uJehova Sebawotiukuthi ukuphela kunqunyiwe phezu kwawo wonke umhlaba.