18 Futhi isivumelwano senu nokufa siyakuchithwa,nokuvumelana kwenu nendawo yabafileyo akuyikuma;lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula,niyakunyathelwa phansi yiso.
19 Njalo lapho sidabula, siyakunibamba,ngokuba siyakudabula ukusa ngokusa imini nobusuku,”kube ngukwesaba kuphela,lapho umbiko uqondwa.
20 Ngokuba umbhede uyakuba mfushanekunokuba umuntu enabe kuwo,nengubo ibe ncanekunokuba umuntu azisonge ngayo.
21 Ngokuba uJehova uyakusukumanjengasentabeni yasePherasimi,athukuthele njengasesigodini saseGibeyoni,ukuze enze umsebenzi wakhe,umsebenzi wakhe ongavamile,afeze isenzo sakhe,isenzo sakhe esimangalisayo.
22 Ngalokho ningadeleli,funa izibopho zenu ziqiniswe,ngokuba ngizwile eNkosini uJehova Sebawotiukuthi ukuphela kunqunyiwe phezu kwawo wonke umhlaba.
23 Bekani indlebe, nizwe izwi lami;lalelani, nizwe ukukhuluma kwami.
24 Umlimi, eyakutshala,ulima lonke usuku na?Uyaduba abhuqe umhlabathi wakhe njalo na?