6 nomoya wokwahlulela kohlezi ekwahluleleni,namandla kubo ababuyisa impi esangweni.
7 Nalabo baduka ngewayini;ngophuzo olunamandla bayatengezela;abapristi nabaprofethi bayaduka ngophuzo olunamandla,bayatengezela ngophuzo olunamandla;bayaduka ekuboneni,bakhubeka ekwahluleleni.
8 Yebo, onke amatafula agcwele ubuhlanzo nokungcola,kungabe kusabakho ndawo.
9 “Ngubani ayakumfundisa ukwazi,aqondise bani umbiko, na?Yibo abalunyuliweyo obisini,basuswa emabeleni, na?
10 Ngokuba kuyisiyalezelo phezu kwesiyalezelo,isiyalezelo phezu kwesiyalezelo,umthetho phezu komthetho,umthetho phezu komthetho,lapha ingcosana, nalapho ingcosana.”
11 Yebo, ngezindebe ezingingizayonangolunye ulimiuyakukhuluma kulaba bantu
12 akade esho kubo ukuthi:“Lokhu kungukuphumula;phumuzani abayethileyo;lokhu kungukuhlunyelelwa,”kepha abathandanga ukuzwa.