13 Yathi iNkosi:“Ngenxa yokuba laba bantu besondela,bangidumise ngemilomo yabo nangezindebe zabo,kodwa bazidedisele kude nami izinhliziyo zabo,nokungesaba kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,
14 ngalokho ngiyakubuyengenzele laba bantu izenzo ezimangalisayo,izimangaliso impela;ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo babo kuyakuphela,nokuqonda kwabaqondileyo babo kuyakusitheka.”
15 Wo kubona abajula ukuba basithezele uJehova isu labo,abamisebenzi yabo isebumnyameni,nabasho ukuthi: “Ngubani osibonayo,ngubani osaziyo, na?”
16 O ukuphendukezela kwenu!Ibumba liyakulinganiswa nombumbi yini,ukuze okwenziweyo kusho ngokwenzileyo ukuthi:“Yena akangenzanga,” na?noma okubunjiweyo kusho ngokubumbileyo ukuthi:“Akanakuqonda,” na?
17 Akuseyisikhashana njeiLebanoni lize liphenduke insimu,nensimu ithiwe ihlathi, na?
18 Ngalolo suku izithulu ziyakuzwa amazwi encwadi,namehlo ezimpumputhe ayakubona,engasenakufiphala ngesigayegaye nabumnyama.
19 Abathobekileyo bayakwandisa intokozo yabo kuJehova,nabampofu kubantu bayakujabula koNgcwele ka-Israyeli.