16 O ukuphendukezela kwenu!Ibumba liyakulinganiswa nombumbi yini,ukuze okwenziweyo kusho ngokwenzileyo ukuthi:“Yena akangenzanga,” na?noma okubunjiweyo kusho ngokubumbileyo ukuthi:“Akanakuqonda,” na?
17 Akuseyisikhashana njeiLebanoni lize liphenduke insimu,nensimu ithiwe ihlathi, na?
18 Ngalolo suku izithulu ziyakuzwa amazwi encwadi,namehlo ezimpumputhe ayakubona,engasenakufiphala ngesigayegaye nabumnyama.
19 Abathobekileyo bayakwandisa intokozo yabo kuJehova,nabampofu kubantu bayakujabula koNgcwele ka-Israyeli.
20 Ngokuba umcindezeli akasayikuba khona,nesideleli siyakube singasekho,nabo bonke abazulumba ububi bayakube beqothuliwe,
21 ababemtholisa umuntu icala ngezwi nje,bambekela ugibe yena owathetha amacala esangweni,bachezukisa olungileyo ngento engelutho.
22 Ngalokho ngendlu kaJakobe usho kanje uJehova owamhlenga u-Abrahama, uthi:“UJakobe akasayikuba namahloni,nobuso bakhe abusayikuphaphatheka.