2 ngize ngilicindezele i-Ariyeli,*kube khona ukukhala nokububula,libe njenge-Ariyeli kimi.
3 Ngiyakumisa, ngikuhaqe nxazonke zakho,ngikuvimbezele ngezinqaba,ngikumisele izindonga.
4 Uyakubhidlizelwa phansi,ukhulume usemhlabathini;ukukhuluma kwakho kuyakuthotshiselwa phansi,kuphume othulini,izwi lakho libe njengelonedlozi livela emhlabathini,ukukhuluma kwakho kubethe imilozi othulini.
5 Kodwa isixuku sezitha zakhosiyakuba njengebhuqu elicolekileyo,noquqaba lwabacindezeli njengamakhoba adlulayo,yebo, kuyakwenzakala ngokuzumayo ngokuphazima kweso.
6 Uyakuhanjelwa nguJehova Sebawoti ngokuduma nangokuzamazama,nangomsindo omkhulu, nangesivunguvungu, nangesiphepho,nangelangabi lomlilo oqothulayo.
7 Isixuku sezizwe zonke ezisukela i-Ariyeli,*ezisukela lona kanye nenqaba yalo, nezilicindezelayo,siyakuba njengephupho nombono wasebusuku.
8 Kuyakuba njengolambileyo ephupha ukuthi uyadla,kepha evuka usenephango,noma njengowomileyo ephupha ukuthi uyaphuza,kepha evuka uyethile, womile;siyakuba njalo isixuku sezizwe zonkeezisukela intaba yaseSiyoni.