20 Ngokuba umcindezeli akasayikuba khona,nesideleli siyakube singasekho,nabo bonke abazulumba ububi bayakube beqothuliwe,
21 ababemtholisa umuntu icala ngezwi nje,bambekela ugibe yena owathetha amacala esangweni,bachezukisa olungileyo ngento engelutho.
22 Ngalokho ngendlu kaJakobe usho kanje uJehova owamhlenga u-Abrahama, uthi:“UJakobe akasayikuba namahloni,nobuso bakhe abusayikuphaphatheka.
23 Ngokuba lapho ebona abantwana bakhe,umsebenzi wezandla zami phakathi kwakhe,bayakungcwelisa igama lami,yebo, bayakungcwelisa oNgcwele kaJakobe,bamesabe uNkulunkulu ka-Israyeli.
24 Abaduka emoyeni bayakwazi, baqonde,nabakhononayo bayakufunda, bakwamukele.”