21 ababemtholisa umuntu icala ngezwi nje,bambekela ugibe yena owathetha amacala esangweni,bachezukisa olungileyo ngento engelutho.
22 Ngalokho ngendlu kaJakobe usho kanje uJehova owamhlenga u-Abrahama, uthi:“UJakobe akasayikuba namahloni,nobuso bakhe abusayikuphaphatheka.
23 Ngokuba lapho ebona abantwana bakhe,umsebenzi wezandla zami phakathi kwakhe,bayakungcwelisa igama lami,yebo, bayakungcwelisa oNgcwele kaJakobe,bamesabe uNkulunkulu ka-Israyeli.
24 Abaduka emoyeni bayakwazi, baqonde,nabakhononayo bayakufunda, bakwamukele.”