5 Kodwa isixuku sezitha zakhosiyakuba njengebhuqu elicolekileyo,noquqaba lwabacindezeli njengamakhoba adlulayo,yebo, kuyakwenzakala ngokuzumayo ngokuphazima kweso.
6 Uyakuhanjelwa nguJehova Sebawoti ngokuduma nangokuzamazama,nangomsindo omkhulu, nangesivunguvungu, nangesiphepho,nangelangabi lomlilo oqothulayo.
7 Isixuku sezizwe zonke ezisukela i-Ariyeli,*ezisukela lona kanye nenqaba yalo, nezilicindezelayo,siyakuba njengephupho nombono wasebusuku.
8 Kuyakuba njengolambileyo ephupha ukuthi uyadla,kepha evuka usenephango,noma njengowomileyo ephupha ukuthi uyaphuza,kepha evuka uyethile, womile;siyakuba njalo isixuku sezizwe zonkeezisukela intaba yaseSiyoni.
9 Zimangaliseni, nimangale;ziphuphuthiseni, niphuphutheke;badakiwe, kepha kungengewayini,bayatengezela, kodwa kungengaphuzo olunamandla.
10 Ngokuba uJehova uthulule phezu kwenuumoya wobuthongo obunzima;uwavalile amehlo enu,usibekele abaprofethi benu nezinhloko zenu ababoni.
11 Umbono wakho konke lokho wawusuba kini njengamazwi encwadi enamathelisiweyo enikwa owazi incwadi ngokuthi: “Ake ufunde lokhu,” abesethi yena: “Angikwazi, ngokuba inamathelisiwe,”