1 Ngokuba bheka, iNkosi uJehova Sebawotiiyasusa eJerusalema nakwaJuda uzime nodondolo,lonke uzime lwesinkwanalo lonke uzime lwamanzi:
2 amaqhawe namadoda empi,abahluleli nabaprofethi,ababhuli namalunga,
3 izinduna zamashumi ayisihlanu nabantu abanodumo,abeluleki nezingcweti ezihlakaniphileyo,nabanolwazi lokulumba.
4 Ngiyakubanika abafana babe yizikhulu zabo,nezingane ziyakubabusa.