14 UJehova uyakungena ekwahluleleninamalunga abantu bakhe nezikhulu zabo ngokuthi:“Yinina eniqedile isivini,impango yabampofu isezindlini zenu.
15 Nichobozeleni abantu bami,nigaye ubuso babampofu, na?”isho iNkosi uJehova Sebawoti.
16 Wathi futhi uJehova:“Ngenxa yokuba amadodakazi aseSiyoni eziphakamisa,ehamba elula izintamo,eqhikiza amehlo,ehamba ecokama ekuhambeni kwawo,ekhenceza ngezinyawo zawo,
17 ngalokho iNkosi iyakuzenza izimpandlaizinkakhayi zamadodakazi aseSiyoni,uJehova awanqunise.”
18 Ngalolo suku iNkosi iyakususa imihlobiso yawo: izigqizo, nemiqhele, nezimbedu ezinjengenyanga,
19 neziqhaza, namasongo, nezimvakazi,
20 nezigqoko, nemihlobiso yemilenze, nezibhamba, nemifuma, neziqu,