5 Abantu bayakucindezelana,kube yilowo nalowo,yebo, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe;abantwana bayakubhensela abadala,nabadelelekileyo abanodumo.
6 Lapho umuntu eyakubamba umfowaboendlini kayise ethi:“Wena unengubo,yiba ngumbusi wethu,le ncithakalo ibe phansi kwesandla sakho,”
7 ngalona lolo suku uyakudazuluka athi:“Angiyikuba ngumelaphi,ngokuba endlini yami akukho sinkwa,akukho ngubo;ningangibeki umbusi wabantu.”
8 Ngokuba iJerusalema likhubekile,noJuda uwile,lokhu izilimi zabo nezenzo zabo ziphambene noJehovaukucunula amehlo enkazimulo yakhe.
9 Ukukhetha kwabo ubuso kuyafakaza ngabo;benza izono zabo obala njengeSodoma, abazifihli.Maye kuyo imiphefumulo yabo!Ngokuba bazenzele okubi.
10 Yishoni kolungileyo ukuthi kuyakuba kuhle kuye,ngokuba bayakudla izithelo zezenzo zabo.
11 Maye komubi! Kuyakuba kubi kuye,ngokuba uyakubuyiselwa izenzo zezandla zakhe.