9 Ukukhetha kwabo ubuso kuyafakaza ngabo;benza izono zabo obala njengeSodoma, abazifihli.Maye kuyo imiphefumulo yabo!Ngokuba bazenzele okubi.
10 Yishoni kolungileyo ukuthi kuyakuba kuhle kuye,ngokuba bayakudla izithelo zezenzo zabo.
11 Maye komubi! Kuyakuba kubi kuye,ngokuba uyakubuyiselwa izenzo zezandla zakhe.
12 Abantu bami-ke izingane ziyabacindezela,nabesifazane bayababusa.O bantu bami,abaniholayo bayanidukisa;bachitha indlela yemikhondo yakho.
13 UJehova usesukumile ukuyokulwa,umi ukuthetha amacala ezizwe.
14 UJehova uyakungena ekwahluleleninamalunga abantu bakhe nezikhulu zabo ngokuthi:“Yinina eniqedile isivini,impango yabampofu isezindlini zenu.
15 Nichobozeleni abantu bami,nigaye ubuso babampofu, na?”isho iNkosi uJehova Sebawoti.