1 “Wo kubantwana abahlubukileyo,” usho uJehova,“abenza iziluleko,kungengezami nokho,nabenza isivumelwano,kungengesomoya wami kodwa,ukuze bengeze isono esonweni,
2 abahamba ukuba behlele eGibithe,bengacelanga emlonyeni wami,baziqinise emandleni kaFaro,baphephele emthunzini waseGibithe!
3 Ngalokho amandla kaFaroayakuba ngamahloni kini,ukuphephela kwenu emthunzini waseGibithekube ngukudumala kini.
4 Ngokuba noma izikhulu zakhe ziseSowani,nezithunywa zakhe zifinyelela eHanesi,
5 bonke bayakuba namahloni ngabantu abangenakubasiza,abangenansizakalo nanzuzo,kepha bengamahloni nehlazo kuphela.”
6 Isiprofetho ngezilwane zaseNingizimu.Badabula izwe losizi nelokuhlupheka,lapha kuvela khona ibhubesi nebhubesikazi,ibululu nenyoka endizayo,bethwala imfuyo yabo emihlane yezimbongolonengcebo yabo phezu kwamalunda amakamelabakuyise kubantu abangenansizakalo.