13 ngalokho lobu bubibuyakuba njengokomfantu lapho sekuzakuwa,kuvokomele ogangeni oluphakemeyo,ukudilika kwalo kufike ngokuzumayo ngokuphazima kweso.
14 Luyabhidlizwa njengokuphahlazwa kwesitsha sombumbi,esichotshozwa singahawukelwa,kungabe kusatholakala phakathi kwezihlephunodengezi lokuthatha umlilo eziko,nolokucakula amanzi emgodini.”
15 Ngokuba yasho njalo iNkosi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, yathi:“Niyakusindiswa ngokuphenduka nangokuphumula,amandla enu abe ngukuthula nangokwethemba;kepha anithandanga.
16 Kodwa nasho nathi: ‘Qha, siyakubaleka ngamahhashi,’ngalokho niyakubaleka:‘Sikhwele anejubane,’ngalokho abanixoshayo bayakuba nejubane.
17 Inkulungwane iyakubaleka ngokusongela koyedwa;ngokusongela kwaba yisihlanu niyakubaleka,nize nishiywe njengensika esiqongweni sentabananjengebhanela* phezu kwegquma.”
18 Ngalokho uJehova uyakulindelaukuba abe nomusa kini;nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini,ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela;babusisiwe bonke abamhlalelayo.
19 Ngokuba wena sizwe esakhe eSiyoni eJerusalema ungabe usakhala nokukhala; uyakuba nomusa impela kuwe ngezwi lokudazuluka kwakho; lapho elizwa, uyakuphendula.