17 Inkulungwane iyakubaleka ngokusongela koyedwa;ngokusongela kwaba yisihlanu niyakubaleka,nize nishiywe njengensika esiqongweni sentabananjengebhanela* phezu kwegquma.”
18 Ngalokho uJehova uyakulindelaukuba abe nomusa kini;nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini,ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela;babusisiwe bonke abamhlalelayo.
19 Ngokuba wena sizwe esakhe eSiyoni eJerusalema ungabe usakhala nokukhala; uyakuba nomusa impela kuwe ngezwi lokudazuluka kwakho; lapho elizwa, uyakuphendula.
20 Noma iNkosi iyakukunika isinkwa sosizi namanzi okuhlupheka, abafundisi bakho abasayikucasha, kodwa amehlo akho ayakubabona abafundisi bakho,
21 nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo,” noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.
22 Niyakujivaza okunamekiweyo kwezithombe zenu ezibaziweyo zesiliva nesimbozo sezithombe zenu ezibunjiweyo zegolide; uyakuzihlakaza njengokungcolileyo, uthi kukho: “Suka lapha.”
23 Uyakunika imbewu yakho oyakuyihlwanyela emhlabathini imvula, aveze nesinkwa ezithelweni zomhlabathi oyakuvunda, uthele kakhulu; ngalolo suku izinkomo zakho ziyakuklaba emadlelweni abanzi.