1 Wo kubona abehlela eGibitheukuba basizwe khona,bencike emahhashini, bethemba ezinqoleni,ngokuba ziningi,nakubo abamahhashi,ngokuba benamandla;kepha ababheki koNgcwele ka-Israyeli,noJehova abamfuni.
2 Nokho naye uhlakaniphile,uyakuletha okubi;akayikubuyisa amazwi akhe,kepha uyakuvukela indlu yababinosizo lwabenza okubi.
3 AbaseGibithe bangabantu,abasiye uNkulunkulu,amahhashi abo ayinyama,awasiwo umoya,nalapho uJehova eyakwelula isandla sakheuyakukhubeka naye osizayo,kuwe naye osizwayo,baphele bonke kanyekanye.
4 Ngokuba usho kanje kimi uJehova, uthi:“Njengengonyama ebhongayo,ibhongo lengonyama phezu kwempango yalo,lapho abelusi abaningi belibizelwe,aliyikwesaba izwi labo,lingazithobi ngomsindo wabo,kanjalo uJehova Sebawoti uyakwehlaukuba alwe entabeni yaseSiyoni nasegqumeni layo.
5 Njengezinyoni ezindizayokanjalo uJehova, uJehova Sebawoti,uyakulivikela iJerusalema;uyakulivikela, alophule,alidlule, alikhulule.”
6 Buyelani kuye enimhlubukile ngokujulileyo kangako nina bantwana bakwa-Israyeli.
7 Ngokuba ngalolo suku bayakulahla, kube yilowo nalowo izithombe zakhe zesiliva nezithombe zakhe zegolide, ezizenzile izandla zenu zaba yisono senu.