1 Bheka, kuyakuba khona inkosi ebusa ngokulunga,izikhulu zibuse ngokwahlulela.
2 Umuntu uyakuba yindawo yokucashela umoyanesivikelo esivunguvungwininjengemifula yamanzi endaweni eyomileyo,njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.
3 Amehlo ababonayo awayikuphuphutheka;izindlebe zabezwayo ziyakulalela.
4 Inhliziyo yephulukundlu iyakuqonda,ize ikwazi,nolimi lwezingingingi luyakushesha lukhulume kahle.
5 Isiwula asisayikubizwa ngokuthi sihloniphekile,nomkhohlisi akasayikuthiwa inkosi.
6 Ngokuba isiwula siyakukhuluma ubuwula,nenhliziyo yaso iyakusebenza ububi,yenze ukungamesabi uNkulunkulu,ikhulume okuphambene noNkulunkulu,yenze ukuba olambileyo abe nephango,nowomileyo ukuba aswele uphuzo lwakhe.
7 Izikhali zomkhohlisi zimbi;uhlela amacebo amabi,ukuze achithe izihlupheki ngamazwi amanga,nalapho ompofu ekhuluma ngokufaneleyo.