7 Izikhali zomkhohlisi zimbi;uhlela amacebo amabi,ukuze achithe izihlupheki ngamazwi amanga,nalapho ompofu ekhuluma ngokufaneleyo.
8 Onesizotha uceba okuzothileyo,nangokuzotha kwakhe uyakuma.
9 Vukani nina besifazane abazinzileyo,nizwe izwi lami;nina madodakazi azethembayonibeke indlebe ekukhulumeni kwami.
10 Ezinsukwini ezidlula umnyaka niyakuhlushwanina besifazane abazethembayo,ngokuba ukuvuna kwemivini kuyakuphela,nokubutha akuyikufika.
11 Qhaqhazelani nina besifazane abazinzileyo,nihlupheke nina enizethembayo;khumulani nizenze nqunu,nibhince indwangu yamasaka ezinkalweni zenu.
12 Zishayeni esifubeningenxa yamasimu amahle nemivini ethelayo.
13 Emhlabathini wabantu bamikuyakumila amakhakhasi nameva,yebo, kuzo zonke izindlu zokujabula emzini ojabulayo,