1 Wo kuwena ochithayo,kungachithwanga wena,nakuwe okhohlisayo,kungakhohliswanga wena!Lapho uqede ukuchitha uyakuchithwa,nalapho usugcine ukukhohlisa,uyakukhohliswa nawe.
2 Jehova, yiba nomusa kithi,sihlalela wena.Yiba yingalo yethu ekuseni njalo,nokusindiswa kwethu ngesikhathi sokuhlupheka.
3 Ngezwi lokuhlokoma abantu bayabaleka;ngokuphakama kwakho izizwe ziyahlakazeka.
4 Impango iyakubuthwa njengokubutha kwecimbi,nanjengokuhlasela kwezinkumbi iyakuhlaselwa.
5 UJehova uphakeme, ngokuba uhlala phezulu;uligcwalisile iSiyoni ngokwahlulela nangokulunga.
6 Kuyakuba khona ukuqiniseka ngesikhathi sakho,ubuningi bokusindiswa nokuhlakanipha nokwazi;ukumesaba uJehova kuyingcebo yakhe.