18 Inhliziyo yakho iyakucabanga ngovalo, ithi:“Uphi umbhali, uphi olinganisile intela,uphi obalile imibhoshongo na?”
19 Awuyikubona abantu abanobudlova,abantu abanokukhuluma okujulileyo ongenakukuzwa,nabalulimi lwabo olukwitizayo kungekho ongaluqonda.
20 Kepha bheka iSiyoni,umuzi wemikhosi yethu;amehlo akho mawabuke iJerusalema,indlu yokuthula, itende elingayikususwa,elizikhonkwane zalo aziyikusishulwa nanini,nelizintambo zalo aziyikugqashulwa neyodwa.
21 Kunalokho uJehova uyakuba nathi khona ebukhosiniesikhundleni semifula nemifudlana ebanzi,lapho kungayikuhamba khona izikebhe ezinamaphini,nomkhumbi omkhulu ungadluli kuyo.
22 Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu,uJehova ungumenzi wemithetho yethu,uJehova uyinkosi yethu;uyakusisindisa.
23 Izintambo zakho ziyaxega,azinakusiqinisa isiqu sensika yabo,azinakumeneka useyili;*khona iyakwabelwa impango enkulu ephangiweyo;nezinyonga ziyakuthatha impango.
24 Abakhe khona abayikusho ukuthi:“Ngiyagula,”abantu abahlala khona bayakuthethelelwa ububi babo.