3 Ngezwi lokuhlokoma abantu bayabaleka;ngokuphakama kwakho izizwe ziyahlakazeka.
4 Impango iyakubuthwa njengokubutha kwecimbi,nanjengokuhlasela kwezinkumbi iyakuhlaselwa.
5 UJehova uphakeme, ngokuba uhlala phezulu;uligcwalisile iSiyoni ngokwahlulela nangokulunga.
6 Kuyakuba khona ukuqiniseka ngesikhathi sakho,ubuningi bokusindiswa nokuhlakanipha nokwazi;ukumesaba uJehova kuyingcebo yakhe.
7 Bheka, amaqhawe abo akhala ngaphandle;izithunywa zokuthula zikhala ngomunyu.
8 Imigwaqo iyize, izihambi seziphelile;isivumelwano saphuliwe;imizi ideleliwe;umuntu akanakekelewa.
9 Izwe liyalila, lidangele;iLebanoni linamahloni, liyabuna;iSharoni linjengehlane,iBashani neKarmeli kuyavuthulukisa.