1 Sondelani nina zizwe, nizwe,nilalele nina bantu:makuzwe umhlaba nokugcwala kwawo,nezwe nakho konke okuvela kulo.
2 Ngokuba uJehova uthukuthelela izizwe zonke,ufuthekela yonke impi yazo;uziqalekisile, uzinikele ekubulaweni.
3 Ababuleweyo bazo balahliwe,nokunuka kuyenyuka ezidunjini zabo;izintaba zincibilika ngegazi labo.
4 Ibandla lonke lasezulwini liyaphela,izulu lisongwe njengomqulu;ibandla lonke liyawa njengokuwa kweqabunga emvinininanjengokubunileyo emkhiwaneni.
5 Ngokuba inkemba yami izanelisile ngegazi ezulwini;bheka, iyakwehlela phezu kuka-Edominaphezu kwabantu besiqalekiso sami ukuba ibahlulele.
6 UJehova unenkemba; igcwele igazi,inonile ngamanoni nangegazi lamawundlu nelezimbuzi,nangamanoni ezinso zezinqama,ngokuba uJehova uyanikela eBosira,unokuhlaba okukhulu ezweni lakwa-Edomi.