14 Izilwane zasehlane ziyakuhlangana nezimpungushe,nedemoni liyakukhala kumngane walo,kwakhe khona umkhovu,uzitholele indawo yokuphumula.
15 Lapho umantshingeyana uyakwakha ikhaya lakhe,azalele, achamisele,afukame ngomthunzi wakhe,kubuthane khona nawonhloyile,kube yilowo nalowo nomngane wakhe.
16 Funani encwadini kaJehova, nifunde;ayiyikusilala nento eyodwa kulokhu,ayikho eyakuswela umngane wayo,ngokuba ngumlomo wakhe okuyalezile,nomoya wakhe okuhlanganisile.
17 Nguye okwenzele inkatho;yisandla sakhe esikwabele ngentambo;kuyakudla ifa lalo kuze kube phakade,izizukulwane ngezizukulwane kuyakuhlala kulo.