2 Luyakukhahlela kahle, luthokoze,yebo, luthokoze, luhube;luyakuphiwa udumo lweLebanoni,nobukhosi beKarmeli nobeSharoni,lubone inkazimulo kaJehova,nobukhosi bukaNkulunkulu wethu.
3 Qinisani izandla ezibuthakathaka,nimise amadolo axegayo.
4 Yishoni kwabanenhliziyo eyesabayo ukuthi:“Qinani, ningesabi;bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngokuphindisela,impindiselo ivela kuNkulunkulu;nguye oza ukunisindisa.”
5 Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa,zivuleke nezindlebe zezithulu.
6 Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele,nolimi lwesimungulu luyakuhuba,ngokuba ehlane kuyakubhoboka amanzi,nemifudlana kwahlongasibi.
7 Isihlabathi esibengezelayo siyakuba yichibi,isigagadu sibe yimithombo yamanzi;ekhaya lamakhanka lapho ayebuthisa khonakuyakuba khona igceke lomhlanga nekhwani.
8 Kuyakuba khona umendonendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele;ongcolileyo akayikuhamba ngayo,kepha iyakuba ngeyabantu bakhe;abahamba ngayo, noma beyiziwula,abayikuduka kuyo.