11 Base bethi o-Eliyakimi noShebina noJowa kuRabi Shake: “Ake ukhulume ezincekwini zakho ngesi-Aramu, ngokuba siyaluzwa, ungakhulumi kithi ngolimi lwabaJuda ezindlebeni zabantu abasogangeni.”
12 Kepha uRabi Shake wathi: “Inkosi yami ingithumile yini enkosini yakho nakuwena ukukhuluma lawamazwi na? Hhayi kulaba bantu yini abahlezi ogangeni ukuba badle amasimba abo, baphuze umshobingo wabo kanye nani, na?”
13 Wayesema uRabi Shake, wamemeza ngezwi elikhulu ngolimi lwabaJuda, wathi: “Zwanini amazwi enkosi enkulu, inkosi yase-Asiriya.
14 Isho kanje inkosi, ithi: Maningakhohliswa nguHezekiya, ngokuba akayikuba namandla okunophula;
15 futhi uHezekiya makanganenzi nethembe uJehova ngokuthi: ‘UJehova uyakusophula nokusophula, nalo muzi awuyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.’
16 “Ningamlaleli uHezekiya, ngokuba inkosi yase-Asiriya isho kanje, ithi: Yenzani ukuthula nami, niphumele kimi, nidle, kube yilowo nalowo emvinini wakhe, kube yilowo nalowo emkhiwaneni wakhe, niphuze, kube yilowo nalowo amanzi omthombo wakhe,
17 ngize ngifike, nginiyise ezweni elinjengezwe lakini, izwe lamabele nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini.