30 “Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe:“Niyakudla ngalo mnyaka okuzikhulelayo,nangomnyaka wesibili isihlabane,nangomnyaka wesithathu hlwanyelani,nivune, nitshale izivini,nidle izithelo zazo.
31 Abasindileyo bendlu yakwaJuda abaseleyobayakubuye bagxile phansi,bathele izithelo phezulu.
32 Ngokuba kuyakuphuma eJerusalema insalinasentabeni yaseSiyoni abayakusinda;ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakufeza lokho.
33 “Ngalokho usho kanje uJehova ngenkosi yase-Asiriya, uthi:“Ayiyikungena kulo muzi,ayiyikucibishela mcibisholo khona;ayiyikubhekisa kuwo isihlangu,ayiyikunqwabela iduli ngakuwo.
34 Indlela eyafika ngayo iyakubuya ngayo;ayiyikungena kulo muzi,” usho uJehova.
35 “Ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindisengenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.”
36 Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa.