1 Ngaleso sikhathi uMerodaki Baladani indodana kaBaladani inkosi yaseBabele wathuma abanezincwadi nesipho kuHezekiya, lapho ezwile ukuthi kade egula, kepha usesimamile.
2 UHezekiya wathokoza ngabo, wababonisa indlu yengcebo yakhe, isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle, nayo yonke indlu yezikhali zakhe, nakho konke okwafunyanwa engcebeni yakhe; akubangakho nto endlini yakhe nasembusweni wakhe wonke uHezekiya angababonisanga yona.
3 Wayesefika u-Isaya, umprofethi, enkosini uHezekiya, wathi kuye: “Batheni labo bantu; beze kuwe bevelaphi na?”Wathi uHezekiya: “Bavela ezweni elikude, iBabele, beze kimi.”
4 Wayesethi: “Baboneni endlini yakho na?”UHezekiya wathi: “Babone konke okusendlini yami; akukho nto phakathi kwengcebo yami engingababonisanga yona.”
5 U-Isaya wathi kuHezekiya: “Yizwa izwi likaJehova Sebawoti.
6 Bheka, izinsuku ziyeza, lapho konke okusendlini yakho nalokho oyihlo abakubekelele khona kuze kube namuhla kuyakuyiswa eBabele; akuyikusala lutho, usho uJehova.
7 Nasemadodaneni akho ayakuphuma kuwe, oyakuwazala, bayakuwathatha abe yizinceku endlini yobukhosi yenkosi yaseBabele.”