11 Iyakwalusa umhlambi wayo njengomalusi,ibuthe amawundlu ngemikhono yayo,iwagone esifubeni sayo,ihole kahle izindlezane.
12 Ngubani olinganise amanzi ngentende yesandla sakhe,walinganisa izulu ngeminwe eyeluliweyo,wahlanganisa uthuli esilinganisweni,walinganisa izintaba ngezikalo*namagquma ngezisindo, na?
13 Ngubani oqondisile uMoya kaJehova,wamfundisa engumluleki wakhe, na?
14 Walulekana nobani waze wamqondisa,wamfundisa indlela yokwahlulela,wamnika ukwazi,wamazisa indlela yokuqonda, na?
15 Bheka, izizwe zinjengethonsi kwasesitsheni,zibalwa njengothuli lwesilinganiso;bheka, iziqhingi uyaziphakamisa njengothuli olucolekileyo.
16 ILebanoni alanele ukubaswa,nezilwane zalo azanele ukuba zibe ngumnikelo wokushiswa.
17 Zonke izizwe zinjengento engeluthophambi kwakhe,zibalwa njengokungelutho nokuyize kuye.