2 Qungani iJerusalema isibindi,nimemeze kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelilenokuthi buhlanguliwe ububi balo,ngokuba lamukeliswe esandleni sikaJehova ngokuphindiweyongazo zonke izono zalo.
3 Izwi liyamemeza lithi:“Lungisani ehlane indlela kaJehova,nihlelembe oqwathuleni umgwaqokaNkulunkulu wethu.
4 Zonke izigodi ziyakuphakanyiswa,zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa;amagebhugebhu ayakuhlelenjwa,nemigoxigoxi iyakuba yithafa.
5 Inkazimulo kaJehova iyakubonakaliswa,yonke inyama ikubone kanyekanye,ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.”
6 Izwi liyakhuluma lithi: “Memeza!”Ngathi: “Ngiyakumemezani na?”Inyama yonke ingutshani,bonke ubuhle bayo bunjengembali yasendle.
7 Utshani buyabuna,imbali iyavuthuluka,ngokuba umoya kaJehova uyaphephetha kukho.Impela abantu bangutshani.
8 Utshani buyabuna,imbali iyavuthuluka,kepha izwi likaNkulunkulu wethulimi kuze kube phakade.