5 Inkazimulo kaJehova iyakubonakaliswa,yonke inyama ikubone kanyekanye,ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.”
6 Izwi liyakhuluma lithi: “Memeza!”Ngathi: “Ngiyakumemezani na?”Inyama yonke ingutshani,bonke ubuhle bayo bunjengembali yasendle.
7 Utshani buyabuna,imbali iyavuthuluka,ngokuba umoya kaJehova uyaphephetha kukho.Impela abantu bangutshani.
8 Utshani buyabuna,imbali iyavuthuluka,kepha izwi likaNkulunkulu wethulimi kuze kube phakade.
9 Khuphukela entabeni ende,wena, Siyoni, obika okujabulisayo,uphakamise ngamandla izwi lakho,wena Jerusalema obika okujabulisayo,uliphakamise ungesabi,usho emizini yakwaJuda ukuthi:“Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.”
10 Bhekani, iNkosi uJehova iyeza ngamandla;ingalo yayo iyakumbusela;bhekani, umvuzo wayo inawo,inkokhelo yayo iphambi kwayo.
11 Iyakwalusa umhlambi wayo njengomalusi,ibuthe amawundlu ngemikhono yayo,iwagone esifubeni sayo,ihole kahle izindlezane.