3 Uyabaxosha, adlule kahlengezindlela angazihambanga ngezinyawo.
4 Ngubani okusebenzileyo, wakwenza, na?Nguye owazibiza izizukulwane kwasekuqaleni:mina Jehova engingowokuqalanenginguye nakwabokuphela.”
5 Iziqhingi ziyakubona, ziyesaba;imikhawulo yomhlaba iyathuthumela;isondele, isifikile.
6 Yilowo nalowo usiza umakhelwane wakhe;uthi komfowabo: “Yiba nesibindi.”
7 Umbazi uqunga umkhandi isibindi,nololonga ngesando uqunga oshaya isikhandelo isibindi,ethi ngokunamathelisa: “Kuhle,”ekubethela ngezipikili,funa kunyakaziswe.
8 “Kepha wena Israyeli, nceku yami,wena Jakobe engikukhethileyo,nzalo ka-Abrahama othandiweyo wami,
9 wena engikuthathile emikhawulweni yomhlaba,ngakubiza emagumbini awo,ngathi kuwe:‘Wena uyinceku yami,’ngikukhethile, angikulahlanga;