9 wena engikuthathile emikhawulweni yomhlaba,ngakubiza emagumbini awo,ngathi kuwe:‘Wena uyinceku yami,’ngikukhethile, angikulahlanga;
10 ungesabi, ngokuba mina nginawe;ungapheli amandla,ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho;ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza,yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
11 “Bheka, bonke abafuthekela wenabayakuba namahloni, bajabhe;abamelene nawe bayakuba njengento engelutho,babhubhe.
12 Uyakubafuna, ungabafumani kodwa,labo bantu abaxabana nawe;abalwa nawe bayakuba njengento engelutho nanjengeze.
13 Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakhoobamba isandla sakho sokunene,nothi kuwe: Ungesabi,mina ngiyakusiza.
14 Ungesabi wena mpethu, Jakobe,nani bantu bakwa-Israyeli;mina ngiyakukusiza,” usho uJehova;uMhlengi wakho ungoNgcwele ka-Israyeli.
15 “Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube yisibhuloesisha esibukhali esinamazinyo;uyakubhula izintaba, uzicolisise,wenze amagquma abe njengamakhoba.