10 Mhubeleni uJehova ihubo elisha,nodumo lwakhe,kusukela emikhawulweni yomhlaba,nina enehlela elwandle nakho konke okukulo,nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.
11 Ihlane nemizi yalo makujabulenemizana abakhileyo kuyo abakwaKedari,bahube abakhile emadwaleni,benanele beseziqongweni zezintaba.
12 Mabanike uJehova udumo,bamemezele udumo lwakhe eziqhingini.
13 UJehova uyaphuma njengeqhawe;njengendoda yempi uyavusa ukushisekela kwakhe;uyakhala, yebo, uyabangalasa,enze ubuqhawe phezu kwezitha zakhe.
14 “Sekuyisikhathi eside ngithulile,ngathula ngazibamba;sengiyakukhala njengobelethayo,ngiphefuzele, ngibitoze kanyekanye.
15 Ngiyakwenza ize izintaba namagquma,ngomise yonke imifino yawo,ngenze imifula ibe yiziqhingi,ngenze amachibi ukuba ashe.
16 Ngiyakuhambisa izimpumputhe ngendlela ezingayaziyo;emikhondweni ezingayaziyo ngiyakuzihola;ngiyakwenza ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo,namagebhugebhu ukuba ahlelenjwe;ngiyakwenza lezi zinto ngingazishiyi.