12 Mabanike uJehova udumo,bamemezele udumo lwakhe eziqhingini.
13 UJehova uyaphuma njengeqhawe;njengendoda yempi uyavusa ukushisekela kwakhe;uyakhala, yebo, uyabangalasa,enze ubuqhawe phezu kwezitha zakhe.
14 “Sekuyisikhathi eside ngithulile,ngathula ngazibamba;sengiyakukhala njengobelethayo,ngiphefuzele, ngibitoze kanyekanye.
15 Ngiyakwenza ize izintaba namagquma,ngomise yonke imifino yawo,ngenze imifula ibe yiziqhingi,ngenze amachibi ukuba ashe.
16 Ngiyakuhambisa izimpumputhe ngendlela ezingayaziyo;emikhondweni ezingayaziyo ngiyakuzihola;ngiyakwenza ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo,namagebhugebhu ukuba ahlelenjwe;ngiyakwenza lezi zinto ngingazishiyi.
17 Bayakubuyiselwa emuva,bajabhe nokujabhalabo abethemba ezithombeni ezibaziweyo,abasho ezithombeni ezibunjiweyo ukuthi:‘Ningonkulunkulu bethu.’
18 “Yizwani nina zithulu;bhekani nina zimpumputhe,ukuze nibone.