16 Ngiyakuhambisa izimpumputhe ngendlela ezingayaziyo;emikhondweni ezingayaziyo ngiyakuzihola;ngiyakwenza ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo,namagebhugebhu ukuba ahlelenjwe;ngiyakwenza lezi zinto ngingazishiyi.
17 Bayakubuyiselwa emuva,bajabhe nokujabhalabo abethemba ezithombeni ezibaziweyo,abasho ezithombeni ezibunjiweyo ukuthi:‘Ningonkulunkulu bethu.’
18 “Yizwani nina zithulu;bhekani nina zimpumputhe,ukuze nibone.
19 Ngubani oyimpumputhe ngaphandle kwenceku yami,nesithulu njengesithunywa sami engisithumayo, na?Ngubani oyimpumputhe njengopheleleyo,oyimpumputhe njengenceku kaJehova, na?
20 Ubona izinto eziningi,kepha awuqapheli;izindlebe zakhe zivulekile,kepha akezwa.”
21 Kwaba kuhle kuJehova ngenxa yokulunga kwakheukuba akhulise umthetho, awudumise.
22 Kepha laba bangabantu abaphangiweyo nabamukiweyo;bonke bacushiwe emigodini,bafihliwe ematilongweni;bangabokuphangwa,akakho obophulayo,yebo, bayimpango,kungekho oshoyo ukuthi: “Buyisa.”