5 Usho kanje uNkulunkulu uJehovaowadala izulu, waleneka,nowawendlala umhlaba nokuvela kuwo,nowanika abantu abakuwo ukuphefumulanomoya kwabahamba kuwo, uthi:
6 “Mina Jehova ngikubizile ngokulunga,ngiyakubamba isandla sakho, ngikugcine,ngikubeke ube yisivumelwano sabantunokukhanya kwabezizwe,
7 ukuze uvule amehlo ezimpumputhe,ukhiphe iziboshwa etilongweninabahlezi ebumnyameni etilongweni.
8 “NginguJehova; yilo igama lami;angiyikunika omunye inkazimulo yami,nezithombe ezibaziweyo udumo lwami.
9 Izinto zakuqala zifikile,sengimemezela izinto ezintsha;zingakaqhamuki, ngiyanizwisa zona.”
10 Mhubeleni uJehova ihubo elisha,nodumo lwakhe,kusukela emikhawulweni yomhlaba,nina enehlela elwandle nakho konke okukulo,nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.
11 Ihlane nemizi yalo makujabulenemizana abakhileyo kuyo abakwaKedari,bahube abakhile emadwaleni,benanele beseziqongweni zezintaba.