1 Kepha manje usho kanje uJehovaowakudalayo wena Jakobe,nowakubumba wena Israyeli, uthi:“Ungesabi ngokuba ngikuhlengile,ngikubizile ngegama lakho;ungowami.
2 Lapho udabula emanzini,mina nginawe;nasemifuleni, ayiyikukukhukhula;lapho uhamba emlilweni, awuyikusha,nelangabi aliyikukushisa.
3 Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho,oNgcwele ka-Israyeli,uMsindisi wakho;ngiyanika iGibithe libe yihlawulo lakho,iKushe neSheba esikhundleni sakho.
4 Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami,futhi ubudumile, uthandekile kimi,ngiyakunika abantu esikhundleni sakho,nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.
5 Ungesabi, ngokuba nginawe;ngiyakuyiletha inzalo yakho iphume empumalanga,ngikubuthe nasentshonalanga.
6 Ngiyakusho kuyo inyakatho,ngithi: ‘Balethe,’nakuyo iningizimu: ‘Ungabagodli.’Lethani amadodana ami akude,namadodakazi amiukuba aphume emikhawulweni yomhlaba,
7 onke abizwe ngegama lami,nengiwadalele inkazimulo yami,engiwabumbile nengiwenzile.”