16 Usho kanje uJehova owenza indlela elwandle,nomkhondo emanzini anamandla,
17 okhipha izinqola namahhashi,impi namandla;kuyalala kanyekanye, akusenakuvuka;kucishile, kucinyiwe njengomongo.
18 “Ningakhumbuli izinto zakuqala,ningazindli ngezindaba zasendulo.
19 Bhekani, ngiyakwenza okusha;kuyakuqhamuka manje,angithi niyakwazi na?Yebo, ngiyakwenza indlela ehlanenemifula kwahlongasibi.
20 Izilwane zasendle ziyakungidumisa,amakhanka nezintshe,ngokuba ngiveza amanzi ehlanenemifula kwahlongasibiukuphuzisa abantu bami abakhethiweyo,
21 laba bantu engizenzele bonaukuba bashumayele udumo lwami.
22 “Kepha awungibizanga, Jakobe,ngokuba wadinwa yimi, Israyeli.