20 Izilwane zasendle ziyakungidumisa,amakhanka nezintshe,ngokuba ngiveza amanzi ehlanenemifula kwahlongasibiukuphuzisa abantu bami abakhethiweyo,
21 laba bantu engizenzele bonaukuba bashumayele udumo lwami.
22 “Kepha awungibizanga, Jakobe,ngokuba wadinwa yimi, Israyeli.
23 Awulethanga kimi izimvu zakho zomnikelo wokushiswa,awungidumisanga ngemihlatshelo yakho;angikukhonzisanga ngeminikelo,angikudinisanga ngenhlaka.
24 Awungithengelanga umhlanga othaphukayo ngemali,awungisuthisanga ngamanoni emihlatshelo yakho,kepha ungisebenzisile ngezono zakho,ungidinisile ngobubi bakho.
25 “Mina, mina nginguyeowesula iziphambeko zakho ngenxa yami;angiyikukhumbula izono zakho.
26 Ngikhumbuze, masahlulelane;yisho wena ukuba ulungisiwe.