10 Ngubani owenzile uNkulunkulu,ngubani obumbile isithombe esibaziweyoesingesokusiza na?
11 Bheka, bonke abangane bakhe bayakujabha,nezisebenzi zingabantu nje.Mabahlangane bonke, beme;bayakwesaba, bajabhe kanyekanye.
12 Umkhandi wensimbi wenza imbazo,asebenze emalahleni,ayibumbe ngezando,ayisebenze ngamandla ezingalo zakhe;uyalamba, angabikho amandla;akaphuzi amanzi, uyadangala.
13 Umbazi uyelula intambo,adwebe umuthi ngokubomvu,awenze ngezibazo,adwebe ngekompasi,*awenze ngomfanekiso womuntu,ngobuhle bomuntu,ukuba uhlale endlini.
14 Uyazigawulela imisedari,*athathe imikhoba nama-oki,*awaqinise phakathi kwemithi yehlathi;uyatshala umfire,* imvula iwukhulise.
15 Bese kuba ngokomuntu ukuba abase ngakho;uthatha kuwo, othe;uyawuphemba, enze isinkwa;wenza unkulunkulu, akhuleke kuye,enze nesithombe esibaziweyo,akhothambele kuso.
16 Ushisa inxenye yawo emlilweni;phezu kwale nxenye uyadla inyama,ose izoso, asuthe;yebo, uyotha athi:“Halala! Sengifudumele,ngibonile umlilo.”