11 “Usho kanje uJehova,oNgcwele ka-Israyeli noMenzi wakhe, uthi:Ningibuza ngezinto ezizayo, ngabantwana bami,ningiyaleze ngomsebenzi wezandla zami, na?
12 Yimi engiwenzile umhlaba,ngadala abantu phezu kwawo;mina ngezandla zami ngeneka izulu,nebandla lalo lonke ngiliyalezile.
13 Mina ngimvusile lona ngokulunga;ngiyakuhlelemba zonke izindlela zakhe;yena uyakuwakha umuzi wami,avumele abathunjwa bami ukuba bahambe,kungabi ngenkokhelo nangesipho,usho uJehova Sebawoti.”
14 Usho kanje uJehova, uthi:“Okukhandlekelweyo kwaseGibithenokuzuziweyo kwaseKushe,nangamaSheba, abantu abade,kuyakungena kuwe,kube ngokwakho;bayakukulandela, bafike beboshwengamaketanga,bakhothamele kuwe, bakhuleke kuwe, bathi:‘UNkulunkulu ukuwe kuphela,akakho omunye,akakho ngaphandle kukaNkulunkulu.’ ”
15 Impela unguNkulunkulu ozifihlayo,wena Nkulunkulu, Msindisi.
16 Bayakujabha, babe namahloni bonkekanyekanye;bayakuhamba benamahloni bonke abenza izithombe.
17 Kepha u-Israyeli uyakusindiswa nguJehovangokusindiswa okuphakade;aniyikujabha, aniyikuba namahlonikuze kube phakade.