13 Mina ngimvusile lona ngokulunga;ngiyakuhlelemba zonke izindlela zakhe;yena uyakuwakha umuzi wami,avumele abathunjwa bami ukuba bahambe,kungabi ngenkokhelo nangesipho,usho uJehova Sebawoti.”
14 Usho kanje uJehova, uthi:“Okukhandlekelweyo kwaseGibithenokuzuziweyo kwaseKushe,nangamaSheba, abantu abade,kuyakungena kuwe,kube ngokwakho;bayakukulandela, bafike beboshwengamaketanga,bakhothamele kuwe, bakhuleke kuwe, bathi:‘UNkulunkulu ukuwe kuphela,akakho omunye,akakho ngaphandle kukaNkulunkulu.’ ”
15 Impela unguNkulunkulu ozifihlayo,wena Nkulunkulu, Msindisi.
16 Bayakujabha, babe namahloni bonkekanyekanye;bayakuhamba benamahloni bonke abenza izithombe.
17 Kepha u-Israyeli uyakusindiswa nguJehovangokusindiswa okuphakade;aniyikujabha, aniyikuba namahlonikuze kube phakade.
18 Ngokuba usho kanje uJehova,owalidala izulu, onguNkulunkulu,owawubumba umhlaba, wawenza,wawumisa, engawudalelanga ize,wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi:“NginguJehova, akakho omunye.
19 Angikhulumanga ekusithekeni,endaweni emnyama emhlabeni;angishongo enzalweni kaJakobe ukuthi:‘Ngifuneni ngeze.’Mina Jehova ngikhuluma ukulunga,ngimemezela okuqotho.