14 “Buthanani nina nonke, nizwe;ngubani phakathi kwabo omemezela lezi zinto na?Amthandayo uJehova uyakuyifeza intando yakhe ngeBabele,nengalo yakhe iyakuba phezu kwamaKaledi.
15 Mina, mina ngikhulumile,yebo, ngimbizile,ngimlethile, uyakuphumelela endleleni yakhe.
16 “Sondelani kimi, nizwe lokhu;angikhulumanga ekusithekeni kwasekuqaleni;kusukela esikhathini sokuba kwenzeke, ngangikhona.”Manje uJehova uNkulunkulu ungithumile kanye noMoya wakhe.
17 Usho kanje uJehova uMhlengi wakho,oNgcwele ka-Israyeli, uthi:“NginguJehova uNkulunkulu wakhookufundisile okukusizayo,okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.
18 Sengathi nga ulalele imiyalo yami!Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba njengomfula,nokulunga kwakho njengamaza olwandle;
19 nenzalo yakho yayiyakuba ngangesihlabathi,nabantwana bezibilini zakho njengezinhlamvu zaso;igama lakhe nga linganqunywanga,lachithwa ngaphambi kwami.”
20 Phumani eBabele,nibalekele amaKaledi,nimemezele lokhu ngezwi lokujabula,nikuzwakalise lokhu,nikuphumisele nasemikhawulweni yomhlaba, ngokuthi:“UJehova uhlengile inceku yakhe uJakobe.”