7 Kudaliwe manje, kungesendulo;awukuzwanga ngaphambi kwalolu suku,funa uthi: ‘Bheka, bengikwazi.’
8 Yebo, awuzwanga, awazanga,kwasendulo indlebe yakho ayivulwanga,ngokuba bengazi ukuthi wawukhohlisa nokukhohlisa,wabizwa ngokuthi umhlubuki kwasekuzalweni.
9 Ngenxa yegama lamingiyakulibazisa intukuthelo yami,ngizibambele wena ngodumo lwamiukuba ngingakunqumi.
10 Bheka, ngikucwengisisile,kungavelanga isiliva kodwa;ngikuvivinyile esithandweni sezinhlupheko.
11 Ngenxa yami, ngenxa yami ngiyakwenza,ngokuba igama lami lingcoliselwani na?Anginiki omunye inkazimulo yami.
12 “Ngilalele, Jakobe,wena Israyeli, obiziweyo wami;ngisenguye, ngingowokuqala,futhi ngingowokugcina.
13 Yebo, isandla sami sisibekile isisekelo somhlaba,nesokunene sami silenekile izulu;lapho ngikubizayo,kuma ndawonye.