9 Ngenxa yegama lamingiyakulibazisa intukuthelo yami,ngizibambele wena ngodumo lwamiukuba ngingakunqumi.
10 Bheka, ngikucwengisisile,kungavelanga isiliva kodwa;ngikuvivinyile esithandweni sezinhlupheko.
11 Ngenxa yami, ngenxa yami ngiyakwenza,ngokuba igama lami lingcoliselwani na?Anginiki omunye inkazimulo yami.
12 “Ngilalele, Jakobe,wena Israyeli, obiziweyo wami;ngisenguye, ngingowokuqala,futhi ngingowokugcina.
13 Yebo, isandla sami sisibekile isisekelo somhlaba,nesokunene sami silenekile izulu;lapho ngikubizayo,kuma ndawonye.
14 “Buthanani nina nonke, nizwe;ngubani phakathi kwabo omemezela lezi zinto na?Amthandayo uJehova uyakuyifeza intando yakhe ngeBabele,nengalo yakhe iyakuba phezu kwamaKaledi.
15 Mina, mina ngikhulumile,yebo, ngimbizile,ngimlethile, uyakuphumelela endleleni yakhe.