1 Ngilaleleni nina ziqhingi,niqaphele nina bantu abakude;uJehova ungibizile kwasekuzalweni,waqamba igama lami kwasezibilinini zikamame.
2 Wawenza umlomo wami njengenkemba ebukhali,wangithukusa ethunzini lesandla sakhe,wangenza umcibisholo ophucuziweyo,wangithukusa esambweni sakhe.
3 Wathi kimi: “Uyinceku yami,u-Israyeli, engiyakuzidumisa kuye.”
4 Kepha ngase ngithi mina:“Ngikhandlekele ize,amandla ami ngiwachithele okuyizenokungelutho;nokho ilungelo lami likuJehova,nomvuzo wami ukuNkulunkulu wami.”
5 Manje uthi uJehovaowangibumba kwasekuzalweni ukubangibe yinceku yakheyokubuyisela kuye uJakobe,kubuthelwe kuye no-Israyeli futhingidunyisiwe emehlweni kaJehova,uNkulunkulu wami waba ngamandla ami
6 yebo, uthi:“Kuyinto elula ukuba ube yinceku yamiukuvusa izizwe zakwaJakobe,nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli;ngalokho ngiyakukubeka ube ngukukhanya kwabezizwe,ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”